Amaqiniso abalulekile ama-5 okufanele wazi nge-brucellosis.

 

  1. Isifo esiphatha umhlambi! Lesi isifo esiphazamisa ukusimama kwemihlambi yemfuyo eNingizimu Afrika. Uma inkomo eyodwa emhlambini wakho ihlolwe yatholakala inesifo i-brucellosis, wonke umhlambi uthathwa ngokuthi wesulelekile ngalesi sifo futhi ungagcinwa ngaphansi kokuqashelwa okukhulu ukuze kunqandwe ukwandwa kwaso. Lokhu kungenxa yengozi enkulu (esikhathini eside) kwalesi sifo kanye nokuqala okwephuzayo kwezimpawu ezidalwa yibhkhtheriya ye-brucellosis. Izilwane ezihlolwe zangaba naso lesi sifo ekuqaleni, zizohlolwa izbe naso kolunye uhlolo. Alikho ikhambi futhi zonke izimo zifanele zibikwe kwabeZinsizo Zodokotela Bezilwane Bombuso njengoba lesi sifo siyisifo esilawulwayo.
  2. Siyalilimaza ikhikhi lakho! Izinkomo ezesuleleke ngesifo i-brucellosis zingachithekelwa izisu, ngaleyo ndlela ulahlekelwe amankonyane aphilile kanye nomkhiqizo. Izikhathi zokuzalwa kwamankonyane ziyakhula, okudala ukuba kuzalwe amankonyane ambalwa inkomo ngayinye ngonyaka.  Ukhiqizwa kobisi kuyehla, okusho ukuthi luncane ubisi oludayiswayo oluvela emihlanjini yobisi futhi kuba nokwehla kwandla okukhiqiza amankonyane emihlanjini yezinkomo zenyama.  Amankonyane asuleleke ngesifo kanye nokuchitheka kwesisu kungcolisa imvelo ngezinkulungwane yebhakhthiriya ye-Brucellosis, okubeka enye imfuyo engozini yokuthola lesi sifo.
  3. Ungathenga kunenhlekelele! Gcizelela kuphela ukuthenga imfuyo evela emihlanjini ehloliwe yatholakala ukuthi ayinaso isifo i-brucellosis onyakeni odlule. Sigcizelela ukuthola ubufakazi. Ngokuvamile, ukuvalelwa njalo kwezilwane ezitholakele zinalesi sifo kanye nokuzihlola futhi ngphambi kokuba zihlanganiswe nawo wonke umhlambi. Qaphela – ungamoshi ipulazi lakho kanye nempilo yakho.
  4. Abantu nabo bangagula! Ibhakhthiriya ye-Brucella ingasuleleka kubantu futhi ibadalele imfiva, izimpawu ezicishe zifane nezemfuluyenza kanye nokugula okukhulu. Abantu bangesuleleka ngenkathi besiza amankonyane asulelekile ngalesi sifo, ngenkathi bebamba ingubo yesibeletho esuleleke ngalesi sifo noma bebamba izisu ezichithekile, ngenkathi bephuza ubisi olungahlaziywanga labulawa amagciwane oluvela emfuyweni esulelekeile ngalesi sifo futhi nangenkathi behlaba izilwane ezinalesi sifo. Lesi sifo siyimbangela yokungakhoni ukukuthola izingane kwabesilisa nabesimame.
  5. Ukugoma kuyimpoqo! Kwenziwe umthetho ngokoMthetho Wezifo Zemfuyo wonyaka we-1984 (uMthetho wama-35 wonyaka we-1984) ukuthi zonke izithole ezinezinyanga eziphakathi kwe-4-8 zifanele zigonywe ngomuthi wokugoma obhalisiwe (i-S19 ku-OBP noma i-RB51 ku-MSD). Ukugoma kuqinisa amandla  amasosha omzimba ezinkomo zakho okulwisa isifo futhi kuvikela umhlambi wakho kanti nezimali zakho.

 

Khululeka ukuxhumana nodokotela wezilwane wombuso/wangasese/nosebenza ngezempilo yezilwane ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa.

Uma unemibuzo yobuchwepheshe xhumana ne:

Gatsha: Ezempilo Yezilwane

Ngokuqwashisa Nokukhuthaza xhumana ne:

Gatsha: Ukufakwa Kokudla Ezweni Namazinga Okuhambisa Ukudla Kwamanye Amazwe

 

Ezempilo Yezilwane

Ucingo: +27 12 319 7456

Ifeksi: +27 12 329 7218

I-imeyili: Epidemiology@daff.gov.za

I-website: www.daff.gov.za

Uphiko Lokukhuthazwa Kwezempilo Yezilwane

Ucingo: +27 12 319 6004/6117/6444

I-imeyili: info.sps@daff.gov.za

I-website: www.daff.gov.za

 

 

Published on Thursday, 19th November 2020 - 08:50

Recent Posts

CHURN YOUR WEEKEND INTO A WEST COAST CHEESE AND WINE FESTIVAL

12 April 2022 Over the weekend of Saturday 23 to Sunday 24 April, the historic Groote Post Wine Estate, world-renowned for its award-winning wines, will play
Read More

HEAVY RAINFALL, ROADS CLOSURES PUT STRAIN ON KZN’S AGRICULTURAL SECTOR

MEDIA RELEASE                                                                                                                   14 April 2022 The exportation of produce and importation of agricultural related goods has been significantly affected by the recent severe weather conditions
Read More

INTERNATIONAL FARMER PRICES AND DAIRY PRODUCT PRICES AT RECORD LEVELS

MPO POINTER 2/8 April 2022 In Europe, the average farmer price of unprocessed milk is up by 20%. Indeed, a new price regime developed after numerous
Read More

FOOT-AND-MOUTH DISEASE BIOSECURITY STRATEGY FOR THE MILK PRODUCER

FOR IMMEDIATE RELEASE | 31 March 2022   Since 1 March 2022, eight new outbreaks have occurred in four South African provinces. Limpopo              2             11 March
Read More

disclaimer